Abadlali abahlanu abafanele ukuqokwa kwiBafana

Michael Madyira

IBafana Bafana ilungiselela umdlalo wayo wobungani ne-Sierra Leone ngoMgqibelo ngaphambi kokuthi idudulane ne-Botswana ezinsukwini ezintathu ngemuva kwalowo mdlalo.

Umqeqeshi uHugo Broos unabadlali abangu-23 ekhempini yakhe ngaphambi kwemidlalo yobungani ezayo. Njengokujwayelekile, ukushiywa ngaphandle nokufakwa kwabadlali abathile kuqubule inkulumompikiswano eshubile.

Naba abadlali abahlanu okungenzeka ukuthi uBroos abaqoke.

ULebo Mothiba:

Udlala ezingeni eliphezulu (kwi-French Ligue 1) kunoma yimuphi omunye umdlali weBafana futhi usebuyele ekubeni sesimweni esihle, edlala imidlalo emithathu yokugcina kwi-Strasbourg. Lokhu kuza ngemuva kokuthi edlale imidlalo engu-13 ngesikhathi ebolekiswe kwi-Troyes ngesizini edlule ngemuva kokuthi aqede izinsuku ezingu-673 engadlali ngenxa yokulimala edolweni. Lo mdlali (26) ubese-France iminyaka eyisishiyagalombili edlule futhi uzishaya isifuba ngesipiliyoni sakhe kuBafana.

UKeagan Dolly:

UDolly ungumdlali othenjwa kakhulu uZwane kwiChiefs, uDolly ngeke avele abe umdlali omubi ngobusuku nje obubodwa futhi isipiliyoni sakhe sihlezi siqinile. Igoli alishaye bedlala neMaritzburg United ngoNcwaba belingahlanzekile. Ozakwabo kwiChiefs uKgaolelo Sekgota kanye no-Ashley du Preez abenzanga lutho oluphusile ukuthi baqokwe kwiBafana ngaphambi kukaDolly.

U-Andile Jali:

Umakadebona emidlalweni eminingi ezisezingeni eliphezulu kusukela ezinsukwini zakhe esadlalela i-Orlando Pirates kuya esikhathini sakhe ese-Belgium futhi manje ikakhulukazi kwi-CAF Champions League kanye neMamelodi Sundowns, uJali uzoletha ulwazi nobuholi obuningi kuleli qembu leBafana. Ingxabano kaBroos yokunganaki uJali (32), kungenxa yeminyaka yalo mdlali kodwa lo mqeqeshi wase-Belgium uhlezi eqoka abadlali abadala kunoJali. UBroos ugcine ehlile wafakelwa ingcindezi waqoka uThemba Zwane kodwa wangamnaka uJali ongomunye wokaputeni kwiSundowns.

UMothobi Mvala:

Ubeyintandokazi kaBroos kodwa kulokhu ushiywe ngokumangazayo. Umdlali wasemuva, uMvala ukhombise ukuguquguquka futhi manje udlala kwiSundowns njengoba ibhekene nenkinga emuva ngenxa yabadlali abalimele. Engase abe neminyaka engu-28 ubudala kodwa unolwazi oluningi kusukela kuma-Olympic Games ase-Rio ango-2016.

ULuther Singh:

Kungenzeka ukuthi uSingh waqala ukudlala imidlalo yakamuva ye-Chaves kwi-Primeira Liga yase-Portugal kodwa usengomunye wabagadli abangcono uBroos anabo. Ungcono futhi unamava kunabadlali abafana noZakhele Lepasa, uKhanyisa Mayo, uSekgota kanye noMihlali Mayambela abagadli abakwiBafana njengamanje. USingh udlale umdlalo owodwa ngaphansi kukaBroos futhi eneminyaka engu-25 ubudala, uneminyaka efanelekile yephrojekthi yokwakha kabusha yomqeqeshi wase-Belgium.

Umthombo wesithombe: @NewFrame

Izihloko zakamuva