Abadlali abahambe phambili kwisizini yePremier League 

Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Umhleli wezemidlalo

I-Premier League ifike emaphethelweni ngeSonto njengoba i-Manchester City iphuma njengompetha kwisizini yesithathu kulandelana. 

Kuyo yonke isizini enezinyanga eziyishumi, bekunabadlali abambalwa abagqamile futhi abenza ezibukwayo kwiligi.

Le sizini iveze idlanzana labadlali abamangaze abaningi ngokudlala kwabo.

I-Scrolla.Africa iqoqe amagama abadlali abavelele kule sizini ye-Premier League:

Unozinti uNick Pope

Lo nozinti weqembu i-Newcastle uvimbe amagoli emdlalweni engu-14 ngempumelelo kule sizini. UDavid de Gea we-Manchester United uyena kuphela iphethe irekhodi elihlanzekile lemidlalo engu-17.

UPope akazange azimisele isizini yonke, kodwa usize i-Magpies ukuthi ingene ku-Uefa Champions League ngesizini ezayo.

Odlala emuva kwesokudla uKieran Trippier

Umdlali wasemuva ozimisele yilokho uTrippier abeyikho isizini yonke, udlale kahle kakhulu ekuvikeleni kanye nokuya phambili ngesikhathi ithuba lifika.

Lo mdlali wasemuva wase-England usize abadlali abayisikhombisa wathola igoli elilodwa kule sizini kanti konke lokhu ukwenze ngesikhathi ekhombisa ubuholi obuhle ngaphakathi nangaphandle kwenkundla.

Umdlali odlala phakathi nendawo emuva uWilliam Saliba

Lo mdlali wasemuva wase-France ubambe iqhaza elikhulu ekugcineni kanti i-Arsenal ibihamba phambili kule sizini, yize bekuyisizini yakhe yokuqala ku-Premier League.

Ukudlala kwakhe bekukhumbuleka ngesikhathi ukulimala kumenza angabonakali kanti i-Gunners ilahlekelwe ukuhlala esicongweni kwi-log.

Umdlali odlala phakathi nendawo emuva uLisandro Martinez

“UButcher uthulise umsindo kwabaningi abebengabaza ukuthi uzongena yini ku-Premier League.

Lo mdlali wasemuva omfishane, kodwa onohlonze akazange abe nezinkinga ekubhekaneni nesimo seligi futhi uze wengeza nangendondo yeNdebe yoMhlaba phakathi nesizini.

Odlala kwesokunxele emuva uPrevis Esupinian

Lo mdlali wase-Ecuadorian uthole indawo entsha yokuphila ngaphansi komphathi uRoberto de Zerbi, wazitholela igoli elilodwa wasiza abadlali abayisithupha kule sizini.

Uphinde wabamba elikhulu iqhaza ekutheni i-Brighton ikwazi ukuhlungela ukuya e-Europe okokuqala ngqa emlandweni wayo.

Odlala phakathi nendawo uMartin Odegaard

U-Odegaard mhlawumbe ubengomunye wabadlali abahamba phambili kule sizini njengoba eshaye amagoli angu-15 esuka maphakathi nenkundla ngaphezu kwanoma yimuphi omunye umdlali we-Arsenal ngesizini eyodwa.

Ngaphandle kwamakhono akhe okushaya amagoli, u-Odegaard ukhombise ukudlala ngokuzimisela kanye nobuholi isizini yonke.

Odlala phakathi nendawo uKevin de Bruyne

Lo mdlali wase-Belgium uphinde wafakazela ukuthi ungomunye wabadlali abahamba phambili emhlabeni, waqeda isizini esize abadlali abangu-16 namagoli ayisikhombisa.

Ngisho nangesizini lapho umphathi uPep Guardiola embeke khona ebhentshini, uDe Bruyne wabuya ngelinye igiya ukuze asize iqembu lakhe ukuthi lithathe isicoco.

Odlala kwesokudla uBukayo Saka

Lo wesilisa wase-England oneminyaka engu-21 ubudala ube nesizini engcono kakhulu washaya amagoli angu-13 futhi wasiza kumagoli angu-11.

USaka uphinde waba ngumdlali ophambili ohlangothini lwe-Gunners, edlala u-94% wemizuzu yomdlalo phakathi nesizini.

Odlala phakathi kwesokunxele: uMarcus Rashford

URashford uphinde wabonisa ukuthi unamandla okuba ngomunye wabahamba phambili emhlabeni.

Ukuhlasela kwakhe kumenze wahlohla amagoli angu-17 ahlaba umxhwele esuka esayidini okumenze wagcina ethola amagoli ayisithupha kuligi.

Umgadli: UHarry Kane

Ukube kuya ngokuzikhethela uKane ubezoba ngundabamlonyeni njengoba eshaye amagoli angu-30 eqenjini elidonsa kanzima le-Tottenham Hotspur.

Ukushaya amagoli angu-30 ku-Premier League akuwona umsebenzi olula futhi lo mgadli wase-England usekwenzile lokhu okwesithathu emsebenzini wakhe njengoba ejaha irekhodi lamagoli angu-260 (uKane unangu-213).

Umgadli: U-Erling Haaland

Njengomdlali ovelele uHaaland oshaye amagoli angu-36 ngesizini yakhe yokuqala, wephule irekhodi lamagoli amaningi ngesizini eyodwa.

Lo mdlali osemncane odlale kahle usekwazile ukulekelela abadlali abayisishiyagalombili njengoba eqokwe njengomdlali omncane nomdlali ovelele. Kubonakala sengathi akukho mkhawulo kulokho okwenziwa uHaaland!

Isithombe esingenhla: U-Erling Haaland

Umthombo wesithombe: U-Erling Haaland ku-Twitter

Izihloko zakamuva