Abadla izambane likapondo bathutheleka emakhaya 

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Izindawo eziningi ezakhelene neTheku zaziwa ngezindawo ezikhethekile zabadla izambane likapondo.

Kodwa kubonakala sengathi abacebile sebekhathele izindleko eziphakeme ezihambisana nokuhlala emadolobheni futhi bathutheleka emaphandleni ukuze bakubalekele lokhu.

Abaningi sebephendukela ezindaweni zasemakhaya ezingaphansi kweNgonyama Trust KwaZulu-Natal.

Ngaphansi kwemikhandlu yobuholi bomdabu azikho izindleko ezibizayo kanye nezintela zokuthatha umhlaba nokuyinto eyenza kube ithuba elihehayo kwabacebile abafuna ukuhlala ngaleyo ndlela.

INkosi uMthokozisi Mathaba utshele i-Scrolla.Africa ukuthi labo abahlala ezindaweni ezisemakhaya bahlala khona mahhala futhi kumele bakhokhe imali kanye kuphela uma bethenga umhlaba.

Izindawo zasemakhaya eseziphenduke izidleke zabadla izambane likapondo kubalwa i-Adams eseningizimu yeTheku ngaphansi komkhandlu weNkosi yakwaMakhanya, iMacambini ngaphansi komkhandlu weNkosi uMathaba egudle amabhishi enyakatho yeKwaZulu-Natal kanye naseTafuleni engaphansi komkhandlu weNkosi yaseMaqadini enyakatho yeTheku. 

Ungoti wezakhiwo uZanele Maphumulo uchaze ukuthi baningi abantu abashiya izindawo ezingaphansi kwedolobha ngenxa yezinkinga eziningi.

“Abantu bathuthela ezindaweni zasemakhaya ngoba iTheku liphelelwa izindawo zamathuna. Ezindaweni zasemakhaya iningi indawo yamathuna futhi avikelekile,” esho.

Ukwengeza kulokho indlu ebiza u-R2 million eThekwini ingabiza ngaphansi kuka-R500,000 ezindaweni zasemakhaya ngaphandle kokukhathazeka ngokukhokha intela yendawo.

Kwezinye izindawo abantu bangathenga umhlaba ngemali encane efinyelela ku-R40,000.

Ekuvakasheni kwakamuva kulezi zindawo zasemakhaya i-Scrolla.Africa sithole ukuthi amakhaya adla izambane likapondo ayachuma ezindaweni ezingaphansi kwemikhandlu yamakhosi.

Kulabo abangabanikazi bemizi emikhulu kubalwa izikhulu zikahulumeni, osomabhizinisi abasafufusa kanye nosopolitiki.

Isikhulu esiphezulu se-Thala Development Bank Group uPearl Bhengu udalule ukuthi sebeboleka abantu abahlala ezindaweni zasemakhaya imali nokuyinto eyenza ukuthi kube lula ukufudukela emaphandleni.

Esithombeni esingenhla: Isithabathaba somuzi eNanda ngaphansi komkhandlu weNkosi yaseMaqadini.

Umthombo wesithombe: Celani Sikhakhane

Izihloko zakamuva