Abadayisa utshwala bakhala ngokungaphathwa kahle 

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Amalungu enhlangano i-Western Cape Liquor Traders abuthane ngaphandle kwenkantolo yase-Philippi ngeledlule ebhikishela izinsolo zokungaphathwa kahle kwamalungu ayo.

UNobhala wale nhlangano uMnu Thulani Pike uzwakalise ukuphatheka kabi ngempatho abayithola enkantolo wathi abadayisa utshwala baphathwa njengezigebengu.

“Sikhathele ukuhlukunyezwa inkantolo yase-Philippi. Uma ungumuntu odayisa utshwala bakuthola unecala ngaphandle kokukunika ithuba lokuziphendulela.”

Uthe iningi labadayisi abanazo izimvume kanti uma befika enkantolo bathweswa amacala okuhweba ngaphandle kwelayisensi, kodwa bancishwa ilungelo lokuqulwa kwecala ngendlela efanele. Uthe abatshelwa ngamalungelo abo omthethosisekelo noma ngemiphumela yokutholwa benecala.

“Baphoqa amalungu ethu ukuthi asayine incwadi yokuvuma icala ngaphandle kokutshelwa ukuthi uma esayina nje asuke esevuma ubugebengu,” kusho uPike.

Le nhlangano ifuna kukhishwe imantshi kuphinde kubuyekezwe wonke amacala athinta utshwala enkantolo.

UPike uthe uma odayisa utshwala evela okwesibili enkantolo, kumele aye ejele lase-Pollsmoor ngokohlelo lokuqala lecala. Le nhlangano ifuna kuqedwe lo myalelo okuthiwa “awukho emthethweni futhi awuhambisani nomthethosisekelo.”

Uthe kusolakala ukuthi amanye amalungu ale nhlangano aboshwe ngesikhathi esendleleni ebheke ekhaya ephethe utshwala.

“Sifuna ukuthi baphathe abantu bakithi abamnyama ngenhlonipho futhi babanike isithunzi esibafanele esikuMthethosisekelo wethu. Sonke siyalingana phambi komthetho.”

Le nhlangano inikeze inkantolo umnqamulajuqu wezinsuku eziyisikhombisa ukuthi iphendule ngezikhalo zayo kungenjalo bazobuya bazozitholela izimpendulo. Baphinde bafuna umhlangano nomnyango othintekayo zingakapheli izinsuku ezingu-14.

Umhwebi obekhona kulo mbhikisho uzwakalise ukushaqeka ngendlela abadayisa utshwala abaphathwa ngayo ngesikhathi izigebengu zangempela zizulazula eKapa.

“Sinezinkinga ezinkulu kakhulu e-Western Cape kunokujaha abadayisa utshwala abazama ukubekela imindeni yabo ukudla etafuleni.

“Kumele basebenzise amandla abawasebenzisayo uma besibopha noma baphuza utshwala bethu ezigebengwini ezicela imali yokuvikela kubahlali abahlwempu.”

Umphathi wenkantolo yase-Philippi uVuyo Dyani uthe amanye amacala kudingeke ukuthi ahlehliswe ngenxa yombhikisho, kodwa wathi bazohlela umhlangano nabadayisa utshwala ngesonto elizayo.

Esithombeni esingenhla: Amalungu enhlangano i-Western Cape Liquor Traders

Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze

Izihloko zakamuva