Abadayisa ngomzimba e-Zim nengwadla yamajazi omkhwenyana

Dylan Bettencourt

Intengo ephezulu yamajazi omkhwenyana isiphoqe abase-Zimbabwe abadayisa ngomzimba ukuthi benze ngenye indlela. 

Kunemibiko yokuthi sebesebenzisa oplastic besinkwa njengendlela yokuzivikela.

Amaphakethe amathathu ejazi lomkhwenyana abiza inani elifanayo nomholo wenyanga womsebenzi wasendlini ojwayelekile, ngokusho kwe-IOL.

Edolobheni lase-Chiadzwa ijazi lomkhwenyana lidayiswa ngemali elinganiselwa ku-R15 noma u-R30, kuye ngokuthi umkhiqizo utholakala kuphi.

Odayisa ngomzimba (21) utshele iphephandaba i-Manica Post ukuthi njengoba sebebhekene nale ngwadla, bayaphoqeleka ukuthi oplastic  bezinkwa babenze amajazi omkhwenyana.

Udaba lwejazi lomkhwenyana luqale ngemuva kohambo lwentatheli yezindaba olusungulwe yinhlangano i-National Aids Council, kubika iphephandaba lase-Zimbabwe.

UDokotela uTendai Zuze ongudokotela wase-Mutare uthe ukusetshenziswa kocwazi besinkwa kuyingozi enkulu ngoba awakwazi ukuvikela inzalo futhi awakwazi ukumelana nokwenzekayo ngesikhathi socansi.

Lokhu kungase kwenyuse amathuba ezifo ezithathelana ngokocansi kuleli, exwayisa.

Imibiko evela e-Zimbabwe iphinde iveze ukuthi abadayisa ngomzimba bamukela ubhontshisi nommbila njengenkokhelo yemisebenzi yabo.

Intatheli yezindaba edumile e-Zimbabwe uHopewell Chin’ono usole uhulumeni we-ZANU-PF ngokukhuphuka kwentengo yejazi lomkhwenyana.

“Uhulumeni wase-Zimbabwe ubike kwi-gazette ngesonto eledlule ukuthi iholo labasebenzi basendlini lingu-ZW$10,000. Manje iphakethe lejazi lomkhwenyana namuhla lingu-ZW$12,200!

“Yilokhu okwenziwa ukuntuleka kwekhono nenkohlakalo ye-ZANU-PF! Umholo womuntu wanyanga zonke ungaphansi kwamaphakethe amathathu ejazi lomkhwenyana,”  ubhale kanje ku-Twitter.

Izibalo zakamuva zokwehla kwamandla emali e-Zimbabwe zenyanga kaNhlaba zimi ku-131.7%, njengoba kunyuke kusuka ku-96.4%.

Umthombo wesithombe: @iHarare

Izihloko zakamuva