Abadansi abakhubazekile badlala indima enkulu emcimbini wamazwe ngamazwe

Lubhalwe ngu-Ihsaan Haffejee we-GroundUp

Ukudala amathuba awo wonke umuntu kwezobuciko kubalulekile, kusho uLethabo Shai, umdansi okhubazekile obambe iqhaza ohlelweni lwesithathu lwe-BODY MOVES International Inclusive Dance Festival eGoli.

Njengoba uhlelwe iSibikwa Arts Centre umcimbi wakulonyaka ubuhlanganisa abadansi abavela emazweni ahlukene kanye nase-United Kingdom.

Le micimbi iqale eBenoni ngoLwesine yaqhubeka eGoli kwaze kwaba yiSonto. Bazobhekana benandisa futhi eKapa kuze kube umhlaka-7 kuZibandlela. Amathikithi atholakala kwa-Quicket.

“Ngiyakuthanda ukudansa ngoba kuyangijabulisa,” kusho umdansi uLethabo Shai. Uthi umcimbi walonyaka umnike isipiliyoni angasoze asikhohlwa nethuba elihle lokufunda.

Isikhulu seSibikwa Arts Centre, uCaryn Green, sikholwa ukuthi ubuciko namandla omdanso kuyahlanganisa futhi kuyabakhuthaza abantu. “Lokhu kungaphezu komcimbi nje. Kuyithuba lokuthi sihlangane, sisebenzisane ngaphandle kokunaka ukukhubazeka nokuhlukana,” kusho uGreen.

Umcimbi othathe impelasonto yonke ubuhlanganisa izithangami zokucobelelana ngolwazi zomdanso ezinikeze intsha kanye nabantu abasha abadala abakhubazekile kanye nemisebenzi yabo ithuba lokuhlola ukuziveza ngokunyakaza nokudansa.

Abadansi baseNingizimu Afrika nozakwabo base-United Kingdom banandise kabili. Umdanso wokuqala onesihloko esithi Synergy ugqamisa ukuxhumana kwabantu nemvelo, ugxila kumthelela wokuguquka kwesimo sezulu emiphakathini engezwa nabakhubazekile.

Omunye ubizwa ngokuthi i-Bells kanye ne-Sirens 2 ihlola usiko leqembu lama-queer club. Lesi siqephu sikhombisa i-Bells kanye ne-Siren choreography, eyasungulwa nguSibikwa ngonyaka odlule. Isekelwe uhlelo lwe-Global Disability Innovation Hub lwase-UK oluxhaswa ngezimali ze-AT2030, oluhlelwe nguThapelo Kotlolo futhi lwenziwa nguJabu Vilakazi noKeaoleboga Seodigeng.

Le ndaba ishicilelwe okokuqala ngabakwa-GroundUp.

Osesithombeni esingenhla: Umdansi uLethabo Shai enandisa e-Synergy ngesikhathi sohlelo lwe- 3rd BODY MOVES International Inclusive Dance Festival e-Gauteng ngeSonto.

Umthombo: Ihsaan Haffejee

Izihloko zakamuva