Abacwaningi sebethole okuhlukile ngokunuka umjuluko wekhwapha  

Ukuhogela iphunga lomzimba wabanye abantu kungasiza ekudambiseni ukukhathazeka komphakathi, ngokocwaningo lwakamuva.

Ukukhathazeka komphakathi kuhambisana nesimo sempilo yengqondo lapho abantu bekhathazeka ngokweqile ngezimo zomphakathi.

Ngabe ithimba labacwaningi likuthole kanjani lokhu? Bathathe umjuluko wekhwapha wamavolontiya akade ebuka ifilimu ehlekisayo noma asabekayo, njengefilimu kaMr Bean’s holiday noma i-The Grudge.

Amasampuli abe esehlolwa ngezindlela zendabuko ezengeziwe zokwelapha ukukhathazeka komphakathi.

Lolu cwaningo luveze ukuthi ukukhathazeka emphakathini kuyehla uma kuhlanganiswa izindlela zesintu nokuhogela amakhwapha.

Lolu cwaningo belubheke abesifazane abangu-48 abahlushwa isimo sokukhathazeka emphakathini, abanye bahlaliswe emoyeni ohlanzekile kanti abanye bazwiswe iphunga elibi lamakhwapha, kubika i-Sky News.

Iziguli zibe seziqedela iseshini laba abazwiswe iphunga elihlanzekile nelimnandi babonise ukwehla kwesimo sokukhathazeka ngo-39%.

Labo abasebenzisa izindlela zendabuko babone ukwehla ngo-17% kwisimo sokukhathazeka komphakathi.

Abacwaningi bakholelwa ukuthi kukhona okusizayo ngomjuluko womuntu, kodwa bayavuma ukuthi mkhulu umsebenzi okufanele wenziwe ukuze babe nesiqiniseko ngalolu cwaningo. 

Ohola lolu cwaningo u-Elisa Vigna we-Karolinska Institute, e-Sweden uthe ibamangazile  imiphumela.

“Kungenzeka ukuthi kukhona omunye umuntu okungaphuma imiphumela ehlukile kuye ingakho kumele sikuqinisekise lokhu,”

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Isithombe esingenhla: Amakhwapha

Izihloko zakamuva