Dylan Bettencourt
ISonto labaphostoli laziwa kakhulu njengekhaya labafundi bakaJesu uPetru no-Andrew, kodwa selokhu lagqitshwa eminyakeni engaphezu kwe-1,300 edlule.
Manje abacwaningi bomdabu bakholelwa ukuthi balitholile leli sonto elidumile, ngokusho kwephephandaba lase-Israeli i-Haaretz.
Abatholanga nje kuphela elinye lamasonto amakhulu emlandweni wobuKristu, abacwaningi bomdabu bathi bathole isigodi sase-Bethsaida lapho kuthiwa uJesu welapha indoda eyayimpumputhe futhi wondla abantu abayizi-5 000 ngezinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili.
Umuzi kanye nesonto kwacekelwa phansi ukuzamazama komhlaba ngonyaka wezi-749 kwathi isonto lona lagqibeka ngendlela engaqondakali. Izindonga zazakhelwe phezu kwesonto nakuzo zonke izindawo okungenwa kuzo, okwenza kube nzima ukungena esakhiweni esinomlando.
Omunye wabaphenyi abaphambili eqenjini uMordechai Aviam uthe kuze kube manje, iningi labantu likholelwa ukuthi iSonto labaphostoli kanye nomuzi wase-Bethsaida kwalahleka unomphela.
“Zonke izindawo ezincane ezingcwele zamaKhristu ezazingadumile njengeJerusalema noma iNazaretha zalahleka ngemuva kokunqotshwa kwamaSulumane,” kusho u-Aviam.
U-Aviam nethimba lakhe baqala ukumba phakathi kwe-Beit Habek noLwandle lwaseGalile ngonyaka wezi-2016 lapho bakholelwa ukuthi bathola isonto lakudala. Bathole i- gilded tesserae, i-A style mosaic tile eyayisetshenziswa kakhulu embusweni wase-Byzantium ngesikhathi esifanayo ngenkathi kwakhiwa isonto.
Abacwaningi bomdabu bathola imibhalo emibili engaphelele eyayivame ukusetshenziswa ngesikhathi senkonzo yabapostoli.
Umbhalo owodwa ukunikezelwa kukambhishobhi okhuluma ngokulungiswa kwesonto ngesikhathi besasebenza. Owesibili ukhuluma ngomdikoni wesonto owabamba iqhaza elikhulu ekwakheni isonto.
U-Aviam unemibono emibili yokuthi kungani isonto lagqitshwa. Owokuqala ukuthi imboni kashukela yakhiwa kusetshenziswa isonto njengesisekelo sayo ngaphandle kokubona ukubaluleka kwalesi siza.
Omunye umbono uthi isonto lambozwa njengesibonakaliso senhlonipho kulandela ukubhujiswa kwalo, nokushiya leyo ngxenye yomlando ingathintwanga futhi ingenamyocu, ikhululekile emaketangeni alokho okwakusazokwenzeka.
Umthombo wesithombe: @Haaretz