Abacwaningi bathole izinhlobo ezahlukene zezilwane olwandle

Dylan Bettencourt

Kungenzeka ukuthi ososayensi sebethole ezinye izinhlobo ezintsha zezilwane ezingu-30 kwi-Pacific Ocean.

Ithimba labacwaningi abavela e-United Kingdom Natural History Museum lisebenzise into efana nerobhothi ukuthi iyoqoqa imininingwane ngaphansi kolwandle i-Pacific Ocean.

Izilwane ezikule ndawo eqhelile yolwandle zibonakele futhi bathatha izithombe ukuze bezozicwaninga kanti kubikwe ukuthi lezi zinhlobonhlobo zezilwane azifani nalezi ezijwayelekile.

Lezi zilwane zitholakale endaweni emnyama engamamitha angu-4 800 ngaphansi kwamanzi, kanti ezingu-48 kwezingu-55 ezihloliwe zihlukile kulokho okwakukholelwa ngaphambilini.

Izilwane ezitholakele zihlanganisa izikelemu ezihlukene, izilwane ezingenamgogodla ezivela emndenini ofanayo nama-centipedes, izilwane zasolwandle ezivela emndenini owodwa njenge-jellyfish, nezinhlobo ezahlukene zama-coral.

Imiphumela ingase ibe nomthelela omkhulu ezimayini ezijulile zolwandle njengoba abantu beqhubeka nokuhlola amandla okumba olwandle.

Noma iziphi izinhlelo zokuthola ama-minerals  olwandle zimisiwe ngenxa yokuphazamiseka kwezilwane.

“Imiphumela ikhombisa ukuthi asikwazi ukuqonda ukuthi zingaki izilwane esingakazitholi okwamanje,” kusho umbhali ophethe lolu cwaningo uDkt Guadalupe Bribiesca-Contreras.

“Lolu cwaningo alubalulekile nje kuphela ngenxa yenani lezilwane eziyinhlobo ezitholakele ezingase zibe zintsha, kodwa libaluleke ngenxa yokuthi lezi zinhlobo zama-megafauna ziye zacutshungulwa kuphela ezithombeni ezingaphansi kolwandle.”

Uthe ngaphandle kwezibonelo nemininingwane yolibofuzo abayiphethe abakwazi ukuhlonza kahle izilwane futhi baqonde ukuthi zingaki izinhlobo zezilwane ezahlukene ezikhona.

Umholi weqembu labacwaningi base-Natural History Museum uDkt Adrian Glover uthe abakaze babe nolwazi oluningi ngezilwane ezingaphansi kolwandle.

“Siyazi ukuthi izilwane ezinobukhulu obungamamilimitha ezibizwa ngokuthi ama-macrofauna zihlukene kaningi.”

Uthe abakaze babe nolwazi oluningi ngezilwane ezinkulu ezibizwa nge-megafauna njengoba kuqoqwe amasampula ambalwa kangaka.

“Lolu cwaningo ngelokuqala oluveza ukuthi kungenzeka kube khona ezinye izilwane ezihlukile,” kusho uGlover.

Umthombo wesithombe: @TheGuardian

Izihloko zakamuva