Abaculi be-rap abavela emadolobheni amathathu ahlukene bakhiphe ingoma eshisa izikhotha

Sizwe Sibiya

Akuyona imfihlo ukuthi umrepha ozalelwe eThekwini uBlxckie ubelokhu enza izinto ezinkulu kulo mkhakha selokhu afudukela eGoli. Ubelokhu ecula masonto onke nabanye abaculi abahamba phambili ngesikhathi ekhipha umculo eceleni.

Manje uBlxckie usehlanganyele kwingoma eshisa izikhotha ethi-“Palm Trees” nomculi wasePitoli uBig Hash, kanye nomrepha waseKapa uYoungsta CPT ovame ukucula ngesiBhunu ngezigqi zakhe zakudala.

Bahlangane eGoli ukuzoletha umfutho emculweni wohlobo lwe-Hip Hop ngengoma esihloko sithi-“Heavy is the Crown” ebukwe kakhulu ezinsukwini eziyisithupha ezedlule ku-YouTube.

Yize laba abathathu bekhule futhi baqeqeshwa njengomrepha emadolobheni ahlukene anamasiko ahluke kakhulu, umrepha ngamunye ulethe amandla edolobha lakhe engomeni ukuze enze “umqhele” ube nzima.

UBig Hash ucula ivesi lokuqala ngaphambi kokubuyela emuva kuBlxckie naye ocula phakathi kwama-rap. Njengoba esebenze isikhathi eside embonini yomculo kunalaba abathathu, uYoungsta CPT ugcine amandla engoma, ngokucula evesini lokugcina ngephimbo lakhe elinzima laseKapa.

“The crown is where it belongs, I have been wearing it long,” kucula uYoungsta CPT.

Ividiyo yomculo, ethwetshulwe ophahleni lwebhilidi elisenkabeni yedolobha laseGoli ngumqondisi uRey Rodriguez, isithole ukubukwa ngabantu abacishe babe ngabayizi-70,000 ku-YouTube kusukela yaboniswa okokuqala ku-akhawunti ye-The Big Hash ku-YouTube mhla zingama-21 kuMfumfu.

Umthombo wevidiyo: YouTube

Izihloko zakamuva