Celani Sikhakhane
Bathathe uhambo olungamakhilomitha angu-105 besuka oLundi bebheke entabeni yaseSandlwana eNquthu abaculi baKwaZulu-Natali ukuyokhumbula impi yaseSandlwane yango-1879.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi lo mcimbi, ojwayele ukwenziwa njalo ngoMasingana, uhoxisiwe ngonyaka odlule ngenxa ye-Covid-19.
Lolu hambo luqalwe ngumculi ohlonishwa umhlaba wonke uMbuso Khoza esebenzisa isikhungo sakhe samagugu kanye noMasipala wase-Zululand.
UKhoza uthe inhloso yalolu hambo lwaminyaka yonke ukufundisa intsha ngesiko lakwaZulu.
“Kancane kancane silahlekelwa osolwazi bethu nabantu abadala abazi amasiko akwaZulu nesizathu esaholela ekutheni kube nempi yaseSandlwane. Ngakho lolu hlelo luzosiza intsha yethu ukuthi ibe nolwazi oluthe xaxa ngesiko lamaZulu namanye amagugu esizwe sakithi,” kusho. uKhoza, ohlele ukukhipha incwadi ekhuluma ngempi yaseSandlwane.
ISilo eikhotheme uZwelithini kaBhekuzulu wazwakalisa ukukhathazeka kwakhe ngokuthi wonke amathuna angaphansi kwentaba ngawamasosha amaNgisi, kodwa amathuna amaqhawe akwaZulu awabhaliwe.
Lena yimpi eyenziwa ngo-1879, futhi kwaba yimpi yokuqala ye-Anglo-Zulu war.
Umbhali uNomavenda Khumalo ngo-2019 waveza ukuthi miningi imindeni eyalahlekelwa amakhaya ngemuva kwempi. Umndeni wakhe, okubalwa nokhokho wakhe babaleka KwaZulu-Natali baya e-Vhenda.
Amabutho amaNgisi ayephuma embuthweni wase-Wales anqotshwa ibutho lakwaZulu empini eyingqophamlando, abaningi abayithatha njengokunqotshwa okukhulu koMbuso wamaNgisi ekuphakameni kwamandla awo.
Manje lesi sikhumbuzo sesisetshenziselwa ubumbano emphakathini nokuqeda ukucwasana ngokwebala.
Lolu hambo beluhanjelwe ngabalingisi bomdlalo weshashalazi Imbewu, Uzalo, abafundi baseNyuvesi kanye nosopolitiki.
IMeya yase-Zululand, uMnu Thulasizwe Buthelezi, uncome uKhoza ngalolu hlelo.
“Ngijabule kakhulu ukuthi intsha iyawuthakasela umcimbi obaluleke kangaka olandela ezinyathelweni zokhokho bethu,” kusho imeya.