Abaculi bakuleli baqokwe kuma-Grammy

Karabo Rammutla

UZakes Bantwini noNomcebo Zikode baqokwe emcimbini wezindondo wama-Grammy ka-65.

Laba baculi bakuleli bengase bajoyine izinkakha ezifana noDJ Black Coffee, iLadysmith Black Mambazo noMiriam Makeba uma bengathola indondo.

Laba ababili kanye noWouter Kellerman, baqokwe emkhakheni we-Best Global Music Performance ngengoma yabo ethi “Bayethe.”

Umcimbi uzoba e-Crypto.com Arena e-Los Angeles mhla zinhlanu kuNhlolanja ngonyaka ozayo.

Yize kungokokuqala kuBantwini noZikode, umshayi wezinsimbi nophinde abe umqambi wezingoma uKellerman akaqali ukuqokwa kuma-Grammy.

Wathola indondo ye-Grammy nge-albhamu yakhe yango-2014 ethi-Winds of Samsara ayicula ngokuhlanganyela nomqambi ophinde abe  umdidiyeli wezingoma wase-India uRicky Kej.

UZikode owaduma kakhulu ngengoma eshisa izikhotha ethi “Jerusalema” ayicula ngokuhlanganyela no-Master KG ubese-France ngesikhathi ethola izindaba zokuqokwa kwakhe.

“Ngisanda kufika e-Nice ngithole ukuthi manje sengiyiciko eliqokwe kuma-Grammy!,” ubhale ekhasini lakhe laku-Instagram efake nesithombe sakhe ejabule egqoke i-tracksuit emhlophe.

UBantwini yena ubonge uNkulunkulu ngokuqokwa kwakhe.

“Ngisanda kuthola ukuthi ngiqokwe okokuqala kuma-Grammy, uNkulunkulu mkhulu.”

Lo mculi uphinde wabonga unina ongasekho ngokumtshela ukuthi “ukubekezela kuzala impumelelo.”

Ngasekuqaleni konyaka umemezele ukuthi uzothatha umhlalaphansi ngemuva kokukhipha i-albhamu yakhe yokugcina nokuhambela izindawo zokunandisa ezweni lonke.

Kunabanye abaculi base-Afrika abaqokiwe.

UBurna Boy nge-albhamu yakhe eshisa izikhotha ethi-Love, uDamini kanye no-Angelique Kidjo nge-albhamu yakhe i-Queen Sheba baqokwe kuma-Grammys emkhakheni we-Best Global Music Album.

Esithombeni esingenhla: UZakes Bantwini, uNomcebo Zikode kanye noWouter Kellerman baqokwe emkhakheni we-Best Global Performance kuma-Grammy Awards

Izihloko zakamuva