Abaculi bakhathele ukufumbathisa imisakazo engaphansi ka-SABC

Judas Sekwela

Abaculi base-Limpopo bathatha uhlangothi lokulwa nokufumbathisa ukuze umculo wabo udlalwe emsakazweni.

Bathathe impi yabo bayihambisa eziteshini ezinkulu ze-SABC esifundazweni – i-Thobela FM, i-Monghana Lonene FM ne-Phalaphala FM – ngoLwesithathu.

Bathi baphoqeleke ukuthi bakhokhe imali engama-R500 – kanti amanye amalebula okuqopha akhokha aze afike emalini eyizi-R20,000 – ukuze kudlalwe umculo wabaculi babo. Lokhu bathi sekuphele iminyaka engaphezu kwengama-20 kwenzeka.

Umculi wezokholo uLion Gwangwa uthe uma umuntu engenayo imali yokufumbathisa, umculo wabo uyahlupheka. “Siyacela ukuthi badlale umculo wethu basinike nezinhlovo. Le mashi akusiyo eyokuhlasela. Sifuna ukuphathwa ngokulinganayo,” esho.

Abaculi bafuna i-airplay eningi ngaphandle kokukhokha i-payola.

Usomahlaya u-Augustine “Kwetepane” Shotholo uthe umsebenzi uyathunyelwa kodwa akayitholi i-airplay.

“Sizoyithathaphi imali yokufumbathisa ekubeni nathi sizama ukuphila? Bathola imiholo njalo ngenyanga kanti thina asiyitholi. Uma singadlalwa emsakazweni, asibhukwa. Kumele bayeke ukusicindezela phansi,” kusho uKwetepane.

Abaculi nomculi wokholo nosihlalo we-Limpopo Artist Movement uMphoza Mashabela uthe abaculi bayahlukunyezwa futhi bakhishwa inyumbazane yi-payola.

“I-SABC ingumsakazi womphakathi osekelwa yimali yethu yentela. Uma izinto zingaguquki, sizophoqeleka ukuthi sithathe izinyathelo ezinqala,” kusho uMashabela.

Banikeze i-SABC amaviki amabili ukuthi iphendule izikhalazo zabo.

Imenenja yakwa-SABC esifundazweni sase-Limpopo, uFreddy Sadike, uthe ukukhathazeka kwabo kuyanakwa futhi uzokwabelana nabaphathi bakwa-SABC ngalezi zikhalazo.

Izihloko zakamuva