Abaculi asebekhulile bashisa izikhotha kuhlobo lomculo lwe-rap

Arthur Greene

Bakhule ngokwanele ukuba ngomkhulu kubazukulu, kodwa bashukumisa inkundla emculweni we-rap waseBrithani.

UPete kanye noBas abaneminyaka engama-67 nengama-71 ubudala, bebelokhu bengondabuzekwayo emphakathini we-UK Grime – uhlobo lomculo we-rap waseBrithani.

Ngesonto eledlule, bakhiphe i-mixtape yabo yokuqala, i-Quick Little Mixtape, abathembisa ukuthi “ngumculo ohamba phambili owake waba khona”.

Ngowe-2018, bakhipha ingoma yabo yokuqala, “i-Shut Ya Mouth,” ingoma yamahlaya eyayicacisa ngeminyaka yabo, ngokucula mayelana nodlame, izidakamizwa nezocansi.

Amazwi omculo wabo aqhathanisa ukuguga kwabo namandla abantu abasha abacula umculo we-rap e-UK, kanti futhi baqopha amavidiyo omculo anezimoto zika nokusho, begqoke a ma-tracksuits abizayo nezibuko zelanga ezimnyama.

Enye yamazwi engoma ithi: In “the old estate,” they rap “grab the wheel then the axel’s spinning, I’ve been in this game from my hairline thinning”.

Indlela abacula ngayo inama-punchline amaningi njenganoma yimuphi umrepha osemkhakheni womculo e-UK, kanti namathoni amazwi abo ahambisana nesigqi.

Kumavidiyo abo omculo babukeka njengamakhosi amabili ase-London asatshwayo futhi ashushumbisa izidakamizwa.

Laba bobabili baphila izimpilo eziyimfihlo. Bekuncane kakhulu okwaziwayo ngempilo yabo ngaphambi kokuduma kwabo okuphumelele njengoba bezenza abaculi abarephayo ezinkundleni zokuxhumana.

Bazibhalela bona izingoma ngosizo lwabazukulu babo kanye nabangani babo abambalwa ababanikeza amabhithi bephinde bekhiqize izingoma.

“Basinika isigqi, bese sibahlinzeka ngamazwi,” kusho uPete etshela i-South London Press. “Ngingumfana waseNingizimu ye-London ngakho-ke ukukhuluma ngokushesha akuyona inkinga.”

Buka ingoma yabo yakamuva ethi, “Speeding,” lapha.

Video source: @YouTube

Izihloko zakamuva