Lubhalwe i-GroundUp
NgeSonto ntambama e-Diepkloof, ihholo beligcwele abazali abaziqhenyayo, ogogo nomkhulu nabangani beshaya ihlombe futhi begcwele injabulo ngesikhathi abaculi abasebasha base-Soweto becula umculo we-classic kaJS Bach noJoseph Bologne.
UBologne ongumculi omnyama owaduma ngezikhathi zakudala wase-Guadeloupe, waziwa kabanzi njengomqambi womculo wakudala.
Ikhonsathi yamahhala ye-Buskaid Soweto String Ensemble ebise-Dutch Reformed Church yenziwe umsunguli we-Buskaid uRosemary Nalden, owaqala isikole somculo eminyakeni engu-26 edlule.
UNalden owathweswa iziqu e-Royal College of Music e-London, wavakashela eNingizimu Afrika esuka eNgilandi ngo-1992 ngemuva kokuzwa udaba emsakazweni we-BBC mayelana nokuthi abaculi be-string abasebasha base-Soweto babedonsa kanzima kanjani ukuthola uxhaso.
Wabuya ngo-1997 ngenhloso yokusungula isikole somculo e-Soweto ukuze sihlinzeke ngemfundo yomculo esezingeni eliphezulu entsheni enekhono ezindaweni eziseduze.
UNalden akakaze ayithole indlela ebuyela eNgilandi futhi esikhundleni salokho usechithe iminyaka engu-26 edlule edlulisela ulwazi lwakhe lomculo.
Umgomo we-Buskaid ukuhlinzeka izingane ezivela ezindaweni ezimpofu ithuba lokufunda izinsimbi zomculo zakudala futhi ziphembe indlela yazo kwezomculo.
Amalungu amaningi amadala e-Buskaid Soweto String Ensemble ahehe izithameli ngeSonto, angabaculi asebemnkantshubomvu futhi abebecula kanye namalungu asemancane alandela ezinyathelweni zawo.
“Kuyamangaza ngempela ukubona lezi zingane zenza kahle kangaka,” kusho isakhamuzi u-Enock Nkosi ngesikhathi ebuka lo mbukiso ngokumamatheka okukhulu.
“Kuyakhombisa ukuthi uma abantu abasha benikezwa amathuba bayakwazi ukuziveza ngokugcwele. Liningi ithalente e-Soweto. Ngiyaziqhenya kakhulu ngalezi zingane.”
Iqembu limatasa namalungiselelo ekhonsathi yalo yaminyaka yonke, ezoba se-Linder Auditorium mhlaka-6 kuNcwaba.
Esithombeni esingenhla: I-Buskaid Soweto String Ensemble inandisa phambi komphakathi kwikhonsathi yamahhala ngeSonto
Umthombo wesithombe: GroundUp