Abaculi abadume ngoku-rapper bazokhipha ama-albhamu

Sizwe Sibiya

Kukhulu okuzayo emculweni njengoba abaculi ababili abadumile be-hip-hop bememezele ukuthi bazokhipha ama-albhamu osekunesikhathi elindelwe.

Umdidiyeli wengoma ethi-Mask Off uFuture umemezele ukuphuma kwe-albhamu yakhe yesishiyagalolunye ezohlanganisa izikhondlakhondla ze-hip hop ezifana noKanye West, uDrake kanye nomholi we-new school of hip-hop, uLil Baby nabanye abambalwa.

Iphrojekthi entsha elindelwe ngabomvu enesihloko esithi-I Never Liked You, izokhishwa ngoLwesihlanu ngomhlaka-29 kuMbasa.

UKendrick Lamar, othathwa njenge-rapper enkulu emculweni we-Hip hop umemezele ukuthi uzokhipha i-albhamu yakhe yesihlanu ngomhlaka-13 kuNhlaba i-albhamu yakhe yokuqala wayikhipha ngonyaka ka-2017 enesihloko esithi-Damn.

UFuture odabuka e-Atlanta e-George ogama lakhe langempela nguNayvadius Wilburn wakhipha i-albhamu yakhe yokuqala ethi-Pluto ngo-2012 kodwa ukukhipha i-albhamu yakhe yesibili enesihloko esithi-Honest ikhona okwamenza wafinyelela ekubeni umpetha.

Khonamanjalo uKendrick odume ngokuveza amathalente abantu abaningi kuma-albhamu akhe ahlonishwa kakhulu uzokwethula igama azobizwa ngalo elisha elithi-Oklama kwi-albhamu yakhe entsha enesihloko esithi-Mr Morale and the Big Steppers.

Ngo-2018 ingoma kaKendrick yakhe yafakwa kwi-Black Panther. Lokhu kwahlanganisa abaculi baseMzansi abafana noBabes Wodumo, uSaudi, uSjava baphinde batusa uMampintsha njengombhali wezingoma.

Lo mrepha oyindida udale umsindo ngesikhathi ememezela le albhamu ngeledlule akwenza ngokubhala kabusha umbhalo owawuveza ukuthi usethathe umhlalaphansi wabe esexhumanisa isitatimende sakhe wamemezela ukuthi kukhona i-albhamu ezayo.

“UKendrick Lamar usethathe umhlalaphansi ngokusemthethweni,” kusho u-SK ku-Twitter okwathi ngemuva nje kokuthi- uKendrick amemezele i-albhamu yakhe entsha waphinde wabhala wabungaza ukuthi ubuyise lomculi njengoba ebesethathe isinqumo sokuthatha umhlalaphansi. 

Umthombo wesithombe: @1Future

Izihloko zakamuva