Lubhalwe nguMichael Madyira
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro nozakwabo weKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane, bazama ukuziqinisa ngaphambi kokubhekana kwi-Soweto Derby ngoMgqibelo.
Zombili lezi zinkunzi zizoshukana zodwa enkundleni yase-FNB emdlalweni we-Premier Soccer League.
Kodwa noma bezobhekana ngoMgqibelo bobabili babonakala bebhekene nezinkinga eziningi.
URiveiro ngeke akwazi ukwenza izinguquko kwibhentshi lePirates, njengoba edonsa isigwebo sakhe sokugcina.
Abasizi babaqeqeshi base-Spain, uSergio Almenara noMandla Ncikazi bazohola iPirate.
Kodwa uRiveiro akakhathazekile ngokuthi uzobe engakwazi ukwenza izinguquko ngoba uthi kuncane okufunekayo kuye ngoMgqibelo njengoba enze wonke umsebenzi.
“Akuyona inkinga enkulu kubadlali ukuthi ngeke ngihlale ebhentshini ngoba nginabasebenzi abasezingeni eliphezulu ngemuva kwami,” kusho uRiveiro kwabezindaba.
“Abadlali bakujwayele ukusebenza nabo bonke abaqeqeshi bethu. Sonke sinezindima ezihlukene futhi bajwayele ukubhekana naleso simo.”
Emdlalweni wokugcina bebhekene neMaritzburg United uRiveiro naye ubekhona kodwa engakwazi ukwenza izinguquko, kodwa iPirate ikwazile ukunqoba ngamagoli amabili kwelilodwa njengoba bedlale umdlalo wabo wokuqala emisiwe ngemuva kokukhishwa ngekhadi elibomvu ngesikhathi ibhekene ne-All Stars FC emdlalweni womzuliswano ka-16 weNdeve ye-Nedbank.
Ngesikhathi iPirates izama ukuvala isikhala sikaRiveiro, umqeqeshi weChiefs uZwane ubhekene nabalandeli beChiefs abathukuthele.
IChiefs inqobe umdlalo owodwa emidlalweni emihlanu edlule yeligi nokubeke umsebenzi kaZwane engcupheni.
Njengoba ikhula ingcindezi, uZwane uzama ukubukeka engathukile njengoba engase aphelelwe umsebenzi.
“Ngokwazi kwami ngingumqeqeshi weKaizer Chiefs futhi ngihlezi ngisho ukuthi iqembu lihlezi linecebo,” kusho uZwane.
“Sinalo icebo futhi angeke ngiye kulo mdlalo ngikhathazekile ngomsebenzi wami nanoma iziphi ezinye izinto.
Inhloso ukudlala lo mdlalo nokwenza isiqiniseko sokuthi abadlali basebenza ngendlela efanele.”
Ukunqoba kweChiefs ehlezi endaweni yesihlanu kuzoyenza ilingane ngamaphuzu nePirates, esendaweni yesithathu ku-PSL.
Isithombe esingenhla: Umqeqeshi wePirates uJose Riveiro
Umthombo wesithombe: Orlando Pirates