
Sekuphele amasonto ambalwa abahlali ezingxenyeni ezithile zase-Gauteng besemseni wenhlangano eqaphayo ezibiza nge-Operation Dudula elwisana nabaphuma emazweni angaphandle, ikakhulukazi abanikazi bezitolo.
Umbhikisho onokuthula usemthethweni futhi uvikelwe umthethosisekelo wethu.
Kodwa esikubonile ukuthi abantu bazithathela umthetho ngezandla, bashisa izitolo futhi basabisa abasuke beqhuba amabhizinisi abo.
Konke lokhu akukho emthethweni. Kodwa akekho ngisho noyedwa oyilungu le-Operation Dudula oboshiwe.
IMeya yaseGoli uMpho Phalatse ichaze i-Operation Dudula njengomsebenzi ongekho emthethweni ongagunyaziwe umasipala.
Umholi we-Economic Freedom Fighters, uJulius Malema uthi izigebengu seziphethe izwe futhi zisabisa abantu baseNingizimu Afrika ngokusobala emphakathini.
Sekukaningi amaphoyisa ehilizisana nababhikishi.
Onogada abathathu abavikela abadayisi, abaziphindiselele ngokuvulela ngenhlamvu kubabhikishi, baboshiwe futhi bavele eNkantolo yeMantshi yase-Alexandra ngoLwesithathu lapho abenqatshelwe khona ibheyili. Bazobhekana nosuku lwabo enkantolo.
Kodwa kuthiwani ngamalungu eDudula?
UKhomishana wamaPhoyisa e-Gauteng uLieutenant-General Elias Mawela uthi amaphoyisa azosebenzisa umthetho “ngaphandle kokwesaba, ukuchema noma ukubandlulula”.
Singathanda ukumkholwa, kodwa lokhu akukhona esikubonayo.
NgoLwesibili e-Alexandra iqeqebana labantu abazibiza ngeDudula bangene isitolo nesitolo bebheka ukuthi ngabe abadayisi bangabakuleli yini noma baphuma emazweni angaphandle.
Labo ababengakwazi ukuveza omazisi baseNingizimu Afrika bakhishwe ngendluzula kwabhidlizwa futhi kwashiswa nezitolo zabo.
Abaveze omazisi batshelwe ukuthi amaphepha abo atholwe ngomgunyathi base bekhishwa ezitolo.
Abathengisi bebehlulelwa ngesikhumba sabo. Abebebonakala bemnyama kakhulu bebesolwa ngokuba ngabaphuma emazweni angaphandle futhi bebexoshwa.
Kukho konke lokhu amaphoyisa ebebuka okwenzekayo ngaphandle kokungenelela.
Ikhomishana yakamuva yezinxushunxushu zangoNtulikazi odlule, lapho okwashona khona abantu abangaphezu kuka-300, ithole ukwehluleka okukhulu ekusebenzeni kwamaphoyisa aseNingizimu Afrika: iziteshi zamaphoyisa ezingahlomile kahle, amaphoyisa angaqeqeshekile ngokwanele futhi akhungatheke ngokweqile.
Esikwaziyo ukuthi laba abanodlame kwabaphuma emazweni angaphandle ngokuntuleka kwemisebenzi nobubha badlala ngomlilo.
UMengameli uCyril Ramaphosa uthi umbutho wezokuvikela umi ngomumo ukugwema noma yikuphi ukuqubuka kokucwaswa kwabaphuma emazweni angaphandle.
Singathanda ukumkholwa.
Kodwa amaphoyisa kumele aqale ngokumisa imibhikisho engekho emthethweni ngokushesha.