Ababoni ngaso linye abesifazane be-MK ngoMakhubele 

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Kuxabene ubendle kwabesifazane beqembu loMkhonto weSizwe (MK) ngenxa yombango odalwe ukuthi kukhona abachazwe owayenguSomlomo waseGoli futhi ongumholi weqembu i-South African Rainbow Alliance (SARA), asebethi kungakuhle azohola abesimame kuleli qembu.

Lo msindo udalwe ukubonakala kukaNkk Colleen Makhubele ekhuluma egqagqamuka eduze komholi we-MK uMnuz Jacob Zuma esithangamini sabezindaba ngesikhathi amaqembu amancane elwisana neKhomishani yoKhetho oluziMele  ngezinsolo zokukhwabanisa imiphumela yokhetho.

Ukuvela kaningana kukaNkk Makhubela kwabezindaba kwenze amanye amalungu esifazane aqavile ku-MK, aphakamisa ezinkundleni zokuxhumana ukuthi empeleni bayamdinga uNkk Makhubele ukuba azohola uhlaka lwabesifazane kuleli qembu ngoba ubonakala ehlakaniphile futhi akayisabi inselelo.

UNksz Pearl Motsepe noMntwana uQueen Nandi Zulu bangabanye abaqavile ku-MK abebeshayela ihlombe uNkk Makhubele, bethi ufanelwe ukuzohola uhlaka lwabesifazane kuleli qembu.

“Empeleni siyamdinga ekutheni azohola uhlaka lwabesifazane boMkhonto ngoba ukhulume into eyomile geqe. Akafani nalaba abajabulela ukuthwebula izithombe nosopolitiki ngoba bezifunela ukubukwa,” kusho uMntwana uNandi enkundleni ka-Whatsapp i-SA Political Debate. 

Nokho akwehlanga kahle kwabanye njengoba umlandeli wokuqina we-MK, uNksz Phapano Phasha, ukhwele wadilika kulo mbono wathi uNkk Makhubele isitha okungafanele nakancane sisondezwe ku-MK.

“Lo muntu wesifazane usetshenziswa amaJuda ukuqhuba inkambiso yawo yokulwa nama-Palestina. Ngikhuluma nje unikwe izigidi zamarandi ukuba aqale iqembu lezepolitiki i-SARA kodwa wehluleka wancama ukunqoba ukhetho.

“Lo muntu wesifazane ngesikhathi eseku-Cope  wayephambili kulabo ababengamfuni uMengameli uZuma. Ngakho angiyiqondi indaba yakhe yokusebenza noMkhonto. Angisayiphathike eyokuthi kuthiwe akazoba umholi wabesifazane beqembu,” kubhoka ngolaka uNksz Phasha.

Uqhube wathi abantu kumele bakhumbule ukuthi uNkk Makhubele usaqhuba izimfundiso zamaJuda njengoba neqembu lakhe linophawu olufana nse nolweHelen Suzman Foundation eqanjwe ngowayengumholi we-Democratic Party.

UNksz Motsepe ukuvikele ukusebenza kwe-MK noNkk Makhubele, wathi umbono uwodwa owokulwa nenkohlakalo ethinta imiphumela yokhetho.

UNkk Makhubele akatholakalanga ukuba aphawule.

Izihloko zakamuva