Lubhalwe nguSbongile Nonyana
- Kudlwengulwe abafundi abane bekhonjwe ngezibhamu ngesikhathi kunokuhlasela esikhungweni sase-Limpopo.
- Abasolwa babanjwe nomakhalekhukhwini abebiwe nekhadi lasebhange lomgilwa.
Kuboshwe amadoda amabili ngecala lokudlwengula abafundi abane basekolishi ngesikhathi kugetshengwa isikhungo sabafundi e-Phaphadi Village, e-Limpopo.
Abasolwa, abaneminyaka engu-18 no-24 ubudala, kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yase-Kgapane ngoLwesihlanu, mhlaka-14 kuNdasa. Babhekene namacala okudlwengula, ukugebenga ibhizinisi nokutholakala nempahla okusolakala ukuthi yebiwe.
Lesi sigameko senzeke ngezithuba zabo-11:00 ngoMgqibelo, mhlaka-22 kuNhlolanja, ngesikhathi indoda ebihlomile igasela endaweni okuhlala kuyo abafundi besifazane.
Amaphoyisa athi le ndoda ibambe abafundi abayisishiyagalombili ibakhomba ngesibhamu yabahudulela abane ephaseji, wabadlwengula. Ube esebaleka ngezinyawo ngemuva kokweba omakhalekhukhwini babo.
Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo uLieutenant Colonel Stephen Thakeng uthe abagilwa babike ngokushesha ngokuhlaselwa, nokuholele ekutheni amaphoyisa aphume umkhankaso ne-Mopani Tracking Team kanye ne-Tzaneen Family Violence, Children Protection and Sexual Offences Unit (FCS).
Umsolwa wokuqala ubanjwe e-Bellview village ngoLwesibili mhlak-11 kuNdasa. Utholwe nomakhalekhukhwini owebiwe waboshwa khona lapho ngemuva kokuhluleka ukuchaza ukuthi uwuthathephi.
Uphenyo luholele amaphoyisa kumsolwa wesibili kwelinye ikheli, nokuyilapho athole khona abanye omakhalekhukhwini nekhadi lasebhange lomunye wabagilwa lifihlwe ngaphansi kombhede wakhe.
Bobabili abasolwa bagcinwe esiteshini samaphoyisa e-Bolobedu.
Amaphoyisa anxuse izakhamuzi endaweni yase-Bolobedu ezilahlekelwe noma eziphucwe omakhalekhukhwini ukuthi zize ngaphambili zizohlonza izinto ezitholiwe.
Onolwazi angathinta uMseshi uSayitsheni Dalton Makhubela ku-082 414 6043, 082 414 2953 noma aye esiteshini samaphoyisa e-Bolobedu.
UKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uLieutenant General Thembi Hadebe uncome la maphoyisa ngesinyathelo sawo esisheshayo, wathi ukuboshwa kwawo kuyigxathu lokuthola ubulungiswa kubagilwa. Uphenyo lusaqhubeka.
Esithombeni esingenhla: Amalambu amaphoyisa.
Umthombo wesithombe: File