Ababhikishi baseLapland ababona abagilwa bezikhukhula

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

UMasipala iNelson Mandela Bay Municipality (NMBM) uthi izakhamuzi zasemijondolo yaseLapland ebezibhikishela ukususwa kwazo endaweni yesikhashana eKariega akuzona ezikhahlanyezwe izikhukhula.

Laba bahlali bakhishwe kule ndawo ngoNhlangulana ngemuva kokukhathazeka ngokuthi kungenzeka kudilike udonga lwedamu iTiryville, njengoba umphakathi wabo ungaphansi komfula.

Umasipala ubukhathazekile ngokuthi idamu eliphethwe abantu abazimele lingase lichichime, okubeke impilo yabantu engcupheni.

Nokho isikhulu seMeya yeNMBM, uGary Van Niekerk, uthe uphenyo lomnyango wezamanzi nokuthuthwa kwendle awutholanga lutho oluyingozi ngaleli damu.

“Ekuqaleni bekunemibiko yokuqhekeka kodonga lwedamu, okukhomba ukuthi lungabhidlika noma yinini,” kusho uVan Niekerk.

“Sihlole noMnyango wezaManzi nokuThuthwa kweNdle sathola ukuthi leyo mibiko ingamanga. Udonga lwedamu luqinile futhi abukho ubungozi obukhona manje. ”

Uqhube wathi abahlali batshelwe ukuthi bazodinga ukubuyela emakhaya ngemuva kwezinsuku ezingu-30 njengoba kungekho bungozi.

“Sibazisile futhi sabatshela ukuthi bazodinga ukuphuma endaweni yokukhosela. ISonto bekuwusuku lwabo lokugcina. Sinayo enye indawo yokuhlala uma kwenzeka inhlekelele,” kwengeza uVan Niekerk.

Ibamba lemenenja yedolobha iNMBM, uLuvuyo Magalela uthe izikhulu zivakashele eLapland ngaphambi kokukhipha izakhamuzi kule ndawo yesikhashana zathola imijondolo yazo isesimweni esihle.

“Sithole ukuthi imijondolo yabo nezindawo zokuhlala zisekhona,” kusho uMagalela.

Umqondisi weNMBM ophikweni lwezokuHlaliswa kwaBantu, uTabiso Mfeya uthe ama-bungalows abakhahlanyezwe yizikhukhula elokishini laseWalmer azobe eselungile ekupheleni kukaNtulikazi.

UMnyango wezeMvelo usuhlonze indawo yokuhlala abahlali baseLapland lapho okuzokwakhiwa khona ama-bungalows, kanti kufunwa imvume.

Esithombeni esingenhla: Isikhulu seMeya kaMasipala waseNelson Mandela Bay uGary van Niekerk kanye nebamba lemenenja yedolobha uLuvuyo Magalela bexoxa nabezindaba.

Umthombo: Anita Dangazele

Izihloko zakamuva