Ababhikishi babeke impilo yabo engcupheni

Dylan Bettencourt

Iqembu lababhikishi be-Just Stop Oil mhlawumbe libe nenhlanhla yokuthi i-Britain Grand Prix imakwe ngokubomvu ekuqaleni komjaho.

Imibiko ngempelasonto yonke yomjaho iveze ukuthi umjaho ungase uphazanyiswe ababhikishi, kodwa akekho obengacabanga ukuthi leli qembu lizozibeka endaweni eyingozi kakhulu.

Umjaho umiswe ngemuva kokuthi umshayeli we-Alfa Romeo uZhou Guanyu ebandakanyeke engozini enyantisayo ngesikhathi imoto yakhe ishelela igingqika  ngaphambi kokuba ingene kuthango.

Ababhikishi bagijimele emzileni ngesikhathi izimoto zihamba kancane zibuyela kulayini womgodi.

Isitatimende sombhikisho we-Just Stop Oil sithe bafuna kumiswe ngokushesha amaphrojekthi amasha kawoyela negesi e-United Kingdom.

Abayisikhombisa abathintekayo baboshiwe kulo mjaho.

Isikhulu se-Formula 1 uStefano Domenicali sibize ababhikishi ngamagama ayiziswana.”

“Ungabhikisha wenze noma yini oyifunayo kuyilungelo lakho, kodwa lokhu kuyinto engenangqondo ngempela, “kusho lo wase-Italy etshela i-Sky Sports.

Ngenkathi uLewis Hamilton esekela umbhikisho unxuse ababhikishi ukuthi bagweme ukuzifaka engozini.

“Bengingayazi imibhikisho futhi nakuba ngizohlale ngibeseka labo abamele lokho abakholelwa kukho kumele kwenziwe ngokuphepha,” kubhala lo mpetha womhlaba izikhathi eziyisikhombisa ku-Instagram.

“Sicela ningagxumeli emijahweni yethu asifuni ukuthi nibe sengozini.”

Owine i-British Grand Prix uCarlos Sainz uqale wacabanga ukuthi umjaho ubunenkinga ngenxa yombhikisho.

“Kusobala ukuthi abantu badinga ukukhuluma babhikishe noma kuphi lapho befuna khona ngoba kuyilungelo labo,” kusho lo wase-Spain.

“Angikholwa ukuthi ukugxumela kwi-Formula 1 bese uzibeka wena nabo bonke abashayeli engozini kuyindlela engcono kakhulu yokukwenza.”

Umthombo wesithombe: @DailyMail

Izihloko zakamuva