Ababhikishi abeseka uZuma basale bephoxekile

Lungani Zungu

Abeseka uJacob Zuma basale bephoxekile ngesikhathi idolobha laseMhlathuze likhansela ngesigubhukane imvume yemashi yabo ngomzuzu wokugcina ngoLwesithathu.

Bebehlela ukumasha ngaphansi kwe-#FreeJacobZuma belibangise emnyangweni wezokuhlunyeleliswa kwezimilo e-Richards Bay bese behambisa imemorandamu yabo ecela ukuthi uZuma akhululwe.

Umasipala oholwa ngumsekeli kaZuma, imeya uMduduzi Mhlongo, ukhiphe isaziso sokuhoxisa imvume yawo.

I-Scrolla.Africa ithole kubantu abangaphakathi ku-ANC ukuthi abaholi besifundazwe bangenelele batshela umasipala ukuthi ayihoxise le mashi.

“Ukugunyazwa kwale mashi kudale uqhekeko ebuholini be-ANC esifundazweni njengoba kukhona abebephumela obala bethi bayameseka uZuma kanti abanye abamesekanga,” kusho lo ongaphakathi.

UMnuz Musa Mkhize obehlela ukumasha uthe uphoxekile.

“Bengikulangazelela ukujoyina abantu abebezomasha, kodwa ngibe sengitshelwa ukuthi imashi imisiwe,” kusho lo mholi oweseka uZuma.

Umhlali wase-Richards Bay – ozibiza ngoNokuthula – ubhale ezinkundleni zokuxhumana ezwakalisa ukujabula ngokuthi imashi isimisiwe.

“Badale ukuphazamiseka okungafuneki kithina njengabashayeli bezimoto. Ngiyajabula ukuthi idolobha lisikhiphile lesi sinqumo,” kubhala uNokuthula.

Mayelana nokukhansela imashi, umasipala uthe: “Sicela wazi ukuthi incwadi enamathiselwe, ekhombisa ukuthi iyigunya elivela edolobheni ligunyaza imashi ebihlelelwe kusasa (umhla zingama-28 kuNtulikazi wezi-2021), ayikho emthethweni.”

UZuma waboshwa mhla zi-8 kuNtulikazi ngemuva kokuthi edelele umyalelo wenkantolo wokuvela kwikhomishini ephenya ngokulawula kombuso.

Izihloko zakamuva