Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
- Ababhikishi bagasele emhlanganweni wentando yeningi womhlaba wonke ukukhombisa ukweseka i-Palestine ngoLwesine.
- Abaholi bezepolitiki bathi iNingizimu Afrika isabhekene nezinselelo ezinkulu ngemuva kweminyaka engu-30 yenkululeko.
Imibhikisho enokuthula yemizabalazo eyahlukene yomhlaba yenziwe eMhlanganweni womhlaba wonke we-Movement for Democracy e-Sandton ukukhombisa ukweseka abantu base-Palestine namanye amazwe akhungethwe izimpi.
Abanye ababhikishi balwe nokuba khona kwe-Ukraine ngaphandle kule ndawo, kanti abanye bahlangane e-Freedom Park e-Tshwane begqoke izikhafu zase-Palestine bephethe nezingqwembe ezicela i-Israel ukuthi iyeke ukulwa.
“Selokhu kwaqala ukuqothulwa kohlanga nyakenye bangaphezu kuka-40 000 abantu asebebulewe,” kusho umgqugquzeli wemibhikisho uZaakirah Vadi we-Defend Democracy.
“Iningi ingcindezelo nezenzo zonya ezisetshenziswa kubantu base-West Bank ezandleni zikahulumeni wase-Israel osekelwa iMelika ebahlinzeka ngosizo lwezempi.”
Okhulumela i-World Movement for Democracy uCarolyn Steward uyamukele imibhikisho enokuthula.
“I-Global Assemblies ibilokhu iyinkundla yokuzwakalisa ubumbano nalabo abadonsa kanzima emhlabeni wonke. Siyalihlonipha ilungelo labo lokubhikisha,” kusho yena.

Kulo mhlangano, lowo owayenguNgqongqoshe wezokuvikela uRoelf Meyer uthe iNingizimu Afrika isabhekene nezinselelo ezinkulu ngemuva kweminyaka engu-30 yentando yeningi.
“Kufanele sibe nengxoxo kazwelonke yokubhekana nobubha, ukuntuleka kwemisebenzi nokungalingani abantu abasha ababhekene nakho,” usho kanje.
UDkt Mathew Phosa uvumile ukuthi iNingizimu Afrika ayikasifezi isithembiso sayo sempilo engcono yawo wonke umuntu.
“Lokho kudala ukudumala nokungabethembi osopolitiki, akukho okubi ngomthethosisekelo nasekusetshenzisweni kwawo kodwa sibhekene nezinselelo ezinkulu okumele sizilungise,” usho kanje.
Esithombeni esingenhla: Ababhikishi.
Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo
