Kamogelo Muvhenzhe
Kushone abantu abadala abayisithupha baseNingizimu Afrika ngemuva kokuqubuka kwesifo se-Covid-19 kwatheleleka abahambi abangama-37 kwabangama-40 ohambweni lwebhasi oluya e-Namibia.
Ngesikhathi besuka eNingizimu Afrika ngomhla ziyi-10 kuNhlaba, bonke abagibeli babeqinisekisile ukuthi abathelelekile nge-Covid.
Ngosuku lwesishiyagalolunye lohambo, iningi laligula- futhi kwabe sekuhlolwa abangama-37 kwabangama-40 batholakala ukuthi bahaqwe igciwane.
Abagibeli abane bashonele enhlokodolobha yase-Namibia i-Windhoek kwathi ababili bashona kamuva eNingizimu Afrika, ngokusho kwe-Netwerk24.
Omunye kwakunguDanie Blom, umnikazi we-Savanna Tours, okuyinkampani eyayihlela lolu hambo.
UBlom uhanjiswe ngendiza eGoli washona ngeSonto eledlule.
Enye inkampani yezokuvakasha, i-Paarl Rock Tours, yathumela amabhasi amabili ukuyolanda izivakashi ezingama-33 ukuba zibuyela eNingizimu Afrika.
Bekungakacaci ukuthi iqembu liyithole kanjani i-Covid-19.
Kusukela kwaqubuka ubhubhane kunokuthelelana okuyizi-1,739,225 okubikiwe eNingizimu Afrika.
Emahoreni angama-24 edlule, kutholakale abantu abayizi-9,320 abahaqwe yigciwane, kanti i-Gauteng iku-63% wokutheleleka okusha.