Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Iqembu labayishumi ababengamalungu ezigelekeqe ababesatshwa esikoleni lihola umkhankaso wokulwa namaqembu ezigebengu ezikoleni zamabanga aphezulu eDuduza.
Abakade bengamalungu amaqembu ezigelekeqe bashintsha futhi baba amanxusa omkhankaso obizwa ngokuthi i-#30days.
Lo mkhankaso uholwa ababeyizigebengu kodwa uqondiswa inhlangano i-Skeem GP okuyinhlangano esebenza nabakhululwe ngoshwele, ababoshiwe, ababekade bayizigebengu kanye nezisulu zobugebengu.
NgoMsombuluko, ekuseni leli qembu livakashele esikoleni samabanga aphezulu Esibonelwesihle lapho elifike lagqugquzela khona ontanga ukuthi bagxile ezifundweni zabo ukuze kuhlakazwe la maqembu ezigebengu akhona.
Leli qembu lazi kahle ukuthi amaqembu ezigebengu kuleli engabusa izikole. Abafundi baphoqeleka ukuthi bahloniphe amalungu ezigelekeqe noma babe yizisulu zawo. Beluleke abafundi ngokuthi bengakugwema kanjani ukuba yingxenye yamaqembu ezigelekeqe.
Owake waboshwa ophinde abe umbhali uThemba Lukhele wabelane ngempilo yakhe eyacishe yashabalala esasemncane. Waboshwa okokuqala eneminyaka engu-15.
“Ngangimncane futhi ngifuna ukuhlonishwa, ngangicabanga ukuthi kuyinto enhle ukuya nesibhamu esikoleni kodwa lokho kwangifaka ejele,” esho.
“Ngzokwazi ukusiza okungenani osemusha ekutheni angangeni ejele ngenxa yalokho engahlangabezana nakho empilweni yami.”
Isikhulu esiphezulu se-Skeem GP uSolly Mankga naye wake waboshwa. Uthe benza umsebenzi wabo wokulwa nobugebengu nezidakamizwa ezikoleni kanye nokuhlunyeleliswa kwezimilo kubafundi okutholakala ukuthi bayathinteka emaqenjini ezigebengu.
“Njengabantu abake baboshwa sisebenzisa izimpilo zethu ukuze sisize abafundi ukuthi babe izakhamizi eziyisibonelo esihle,” etshela i-Scrolla.Africa.
“Sibonile ukuthi izidakamizwa zidayiswa emagcekeni esikole nokuthi abafundi bazidayisela abanye abafundi.”
Uthembise ukuthi bazoqhubeka nokusebenzisana nabafundi ukuqinisekisa ukuthi bahlezi besendleleni efanele.
Ikhansela lewadi lesi-86 uMnu Nsizwa Mekgwe uthe bazoqhubeka nokulwa nobugebengu nokukhipha izidakamizwa emphakathini nasezikoleni zakule ndawo.
Esithombeni esingenhla: Amalungu eNhlangano i-Skeem GP alwa nezigebengu ezikoleni zaseDuduza
Ividiyo: UThemba Lukhele ekhuthaza abafundi
Umthombo wesithombe nevidiyo: Doreen Mokgolo