
Celani Sikhakhane
Abafundi abathathu bagqekeze esikoleni ababefunda kuso ngoLwesithathu bavuka umbhejazane bagwaza abafundi abane bagebenga abanye bebakhomba ngezibhamu.
Abafundi basikole samabanga aphezulu i-Dassenhoek, e-Pinetown, entshonalanga neTheku, bagwaze abafundi abane, okuthe ngokuhamba kwesikhathi baphuthunyiswa esibhedlela lapho belashwa khona.
Abasolwa abathathu bangene emagcekeni esikole ngokugqekeza uthango.
Bathe bafuna othisha nabafundi babanikeze omakhalekhukhwini kanye nemali. Abafundi banqabile lezigilamkhuba zakhipha imimmese zabagwaza.
Omunye wabafundi abasinde kulesi sibhicongo, uKgotsofalang Selai oneminyaka engu-18 uthe uzamile ukulwa nabasolwa kodwa bagcina bewuthathile umakhalekhukhwini wakhe.
“Basebenzise ingemuva lesibhamu ukungishaya ebusweni. Bangithuka bethi bazobuya bazobhekana nami. Ngifuna babolele ejele,” kusho uSelai.
Abasolwa ababili kulaba babanjwe ngamalungu omphakathi ngoLwesine ekuseni benikelwa emaphoyiseni.
Umsolwa oyedwa usagcwele amathafa.
Ngemuva kwesikhashana beboshiwe, iqulu labazali abebethukuthele begane unwabu libone abasolwa behamba ngeveni yamaphoyisa. Kusuke isidumo ngesikhathi abazali abaningi bezama ukuphoqa amaphoyisa ukuthi adedele abasolwa ukuze bazibambele bona mathupha.
UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natali, uMnu uKwazi Mshengu, uthe ukuhlaselwa kwezikole kukhombisa izinga lodlame olukhona emiphakathini ezweni lonke.
Uthe umnyango nothisha ngeke bayinqobe impi yokulwa nobugebengu uma izakhamuzi zingenzi lutho.