Philani Mzila
UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele uthi bangama-20 abantu abangaziwa ababulawe e-Phoenix, eThekwini ngesikhathi kuphangwa ngesonto eledlule.
Kodwa-ke ngoLwesithathu uNgqongqoshe woMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natali, uNkk Nomagugu Simelane, uthe kunezidumbu eziyi-128.
Kodwa umengameli we-Funeral Practitioners Association of South Africa, uMuzi Hlengwa, uthe izidumbu ezingama-300 zigcinwe emakhazeni ase-Phoenix selokhu kwaqala lesi sigameko sokuphanga.
“Sizamile ukuxwayisa izikhulu zezobunhloli ukuthi abantu bayashona e-Phoenix kodwa baya kumabonakude nasemsakazweni bathi yizindaba ezingamanga,” kusho uHlengwa.
“Ngaleso sikhathi besekuvele kushone abantu abangama-20. Kungimangazile ukubabona beqinisekisa ukuthi empeleni bekunemizimba engama-20 kuphela engaziwa ephume kulesi sibhicongo sase-Phoenix.”
UHlengwa uthe izidumbu ezingaziwa zisesimeni esibi, abanye bashiswe bephila, abanye bashaywe baze bashona kanti abanye bafakwe eziqandisini baze bashona.
UHlengwa ubuye wathi amakhaza kahulumeni akule ndawo asefinyelele kubantu abangama-500 kanti manje ucela umphakathi ukuthi ufune izihlobo zawo.
“Ngesikhathi kuqala isibhicongo sase-Phoenix, besinezidumbu ezibalelwa kwezingama-200 ezingaziwa. Ngemuva kokuqala kwesigameko sokuphanga, izidumbu zikhuphukile ngezinye izidumbu ezingaziwa ezingama-300,” kusho uHlengwa.
Umthombo wesithombe: @MarykeVermaak