Ziqinile ezokuphepha engqungqutheleni ye-ANC eNasrec 

Lubhalwe nguZukile Majova

Uma ungayiboni iveni yamaphoyisa izulazula ngakini kulezi zinsuku, mhlawumbe ingoba abembokodo ebomvj basengqungqutheleni ye-ANC eNasrec eGoli.

ENasrec akukho amaveni kuphela kodwa kukhona ngisho amaphoyisa uqobo njengoba iningi lisebenza engqungqutheleni ka-55, kaKhongolose lapho eqaphe khona isimo. 

Uma uzihambela engqungqutheleni, uhlangana namaphoyisa elele, noma ephuza i-coffee edla namakhekhe noma edlala ama-games komakhalekhukhwini wawo. 

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele  oyilungu le-ANC uthe isibalo samaphoyisa asengqungqutheleni yalonyaka siphansi ngo 20 000, uma siqhathaniswa nesengqungquthela ka-2010.

Lokhu kuyisiqalo sokusebenzisa budedengu izinsiza zikahulumeni engqungqutheleni enezithunywa ezingu 5000, nezivakashi ezingu 1500.

Iqembu lichithe izinsuku ezimbili lizama ukubheka nokucwaninga uhlelo lokubhalisa izithunywa, lisebenzisa indlela esetshenziswa kuMnyango wezaseKhaya.

Yebo lapho kukhona imininingwane yezakhamizi, khumbula lena akuyona ingqungquthela yezwe kodwa ingqungquthela yeqembu

Ngenxa yalokhu, i-ANC ayinalo uhlelo lwayo lokukwazi ukusingatha izingqungquthela nokubheka ukuthi amagatsha abambe iqhaza ezingqungqutheleni asemthethweni yini.

Ningafuni ngiqale ngikhulume ngezimoto ezimnyama, ezithwele izimeya, amakhansela, amalungu eziShayamthetho, oNdunankulu, amaPhini ongqongqoshe, omengameli nababengomengameli.

Okujabulisayo ukuthi kungenzeka ukuba lena ingqungquthela yokugcina ye-ANC lapho kusetshenziswa khona izinsiza zikahulumeni.

Lokhu kuzokwenzeka ngenxa yokuthi i-ANC ilahlekelwa omasipala, kunovalo lokuthi ingase ilahlekelwe isifundazwe saseGauteng, sithathwe uhulumeni wobumbano.

I-ANC isengcupheni futhi yokuhlulwa okhethweni lukazwelonke lwango-2024.

Ukubusa ngokubambisana lokho kuzokwenza ukuthi amaqembu aphikisayo abheke ngelokhozi indaba yokusetshenziswa kwezinsiza zikahulumenj ezinhlelweni ze-ANC uma kunezinketho nezingqungquthela.  

Esithombeni esingenhla: Amaphoyisa asengqungqutheleni ye-ANC

Isithombe: Zukile Majova

Izihloko zakamuva