Kusinda kwehlela kwi-ANC eyehlelwa ubulungu 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Isibalo samalungu e-ANC siyehla kusukela ngo-2007, iMpumalanga, iNorth West neFree State izona zifundazwe ezibonakala zishayeka kakhulu.

Lokhu kubhungwe ngakho esigcawini ebesivalelekile kwingqungquthela yeqembu eqhubeka eNasrec eGoli.

Umbiko ubuthinta indaba yokwehla kobulungu kuzwelonke kusukela ngo-2007, iMpumalanga yehle ngo 62.64%, nonyaka.

Ubulungu baseNorth West behle ngo 54.78%, kwalandela iFree State yona eyehle ngo 48.42%.

Lokhu kwehla kumataniswa nohlelo oluhamba ngonyawo lonwabu lokukhishwa kwamakhadi obulungu. 

Lo mbiko uveza ukuthi ukumiswa kukaNobhala-jikelele weqembu u-Ace Magashule ngo-2021, nokufakwa amasondo kukaMnu Jacob Zuma ngo-2018, nakho kube nesandla ekwehleni kwesibalo samalungu enhlangano.

UMagashule waphoqwa ukuba ashenxe ngemuva kokuthinteka kwegama lakhe kwezinsolo zomsanka othinta ithenda yentsheboya eFree State.

Imizamo kaMagashule wokulwisana nokumiswa kwakhe ichithwe izinkantolo eziningi ezihlukene.

Umbiko uveze ukumiswa kukaMagashule njengo mlando enhlanganweni.  

Esithombeni esingenhla: Ilungu likaKhongolose

Isithombe: Radio 786

Izihloko zakamuva